Lyrics

Bona bonke lobuhle obungaka Sibubona kulomhlaba, mihla namalanga, mihla namalanga Ubuhle Obungaka Ngaka Kungumusa wokubusa, wokubusa Kukonke kulomhlaba, izinkanyezi Ezikhanya esibhakabhakeni Ubuhle obukhona nase zintabeni Ukugeleza kwemfula kuletha ukuthula Emoyeni, emoyeni Ubukhulu bakho nobungcwele bakho Abulinganiseki, syabonga, syabonga Imvelo enhle kangaka, itshala ithemba kimi Amandla nokuphola Bona bonke lobuhle obungaka Sibubona kulomhlaba, mihla namalanga, mihla namalanga
Lyrics powered by www.musixmatch.com
instagramSharePathic_arrow_out